
Nhlakanipho Mnqayi
Uchazwe njengomfana omncane, ozithobile nohloniphayo owesilisa odutshulwe ngabalisa angoyaba lwezinhlamvu abalisa namhlanje ekuseni eWaterloo, KwaZulu-Natal.
Ngokuthola kwe-Ezangempela For Real, uMnuz Banele (26), esingatholakalanga isibongo sakhe, ubedabuka eSwatini kodwa ubesezinze eThekwini ngenxa yomsebenzi. Kuthiwa ubeyinduna yamatekisi njengoba ebegada amatekisi abhalwe ukuthi Seducer ahambela eVerulam naseWaterloo.
Omunye wabashayeli omazela khona ematekisini umchaze njengomuntu okhululekile.
“Ubewumfana osemncane futhi ebahlonipha abanye abashayeli. Waba nenhlanhla nje yokuba yinduna ematekisini, ewagada siphinde simthume ayosithengela ukudla. Kungithusile ukubona esebulawe ngalendlela,” kusho lo mshayeli ocele ukungadalulwa ngenxa yokusabela impilo yakhe.
Uthe kubuhlungu ukushona komuntu obengamazeli into embi.
“Nathi sithukile ngesikhathi sizwa umsindo ngapha phezulu. Sibe sesithatha izimoto siphuthuma khona, safica imoto ilenga, sathola ukuthi uyena odutshuliwe. Imoto le alimalele kuyo bekungeyona ngisho eyakhe, bekungeka mqashi wakhe,” usho kanje.
Uthe ubengazithinti ngisho izinkamba zikaFaro, kodwa ubewumuntu onothando lwamatekisi. Uthe abashayeli bebecela kuye uma befuna ukuya emakhaya, kube ukuthi itekisi ithathwa uyena ayishayele lezo zinsuku.
Okhulumela abakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA), uMnuz Prem Balram, uthe bathole ucingo kwelinye lamalunga omphakathi libika ngesigameko sokudubulana emgwaqeni uJabu Ngcobo ngezithuba zabo 06:57 ekuseni.
“Sibe sesikhipha onogada baya endaweni yesigameko. Ngesikhathi befika bafice iVW Polo igcwele izimbobo zezinhlamvu ishayisile esihlahleni. Umshayeli ubegobile esihlalweni sakhe enamanxeba amaningi okudutshulwa wahlonzwa njengoshonele endaweni yesigameko,” kusho uBalram.
Uthe abasolwa kuthiwa bebehamba ngeveni, kodwa lokho akukakaqinisekiswa.
