
Nhlakanipho Mnqayi
Zilokhu ziqhubekile izibalo zokwanda kokukhulelwa kwentsha. Lokhu kuvezwe uMasipala weTheku ngesikhathi usingathe iTeenage Pregnancy Indaba e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) eThekwini, namhlanje.
UMasipala usingatha le-Teenage Pregnancy Indaba nje, ukhathazwa ukukhula kwenamba yokukhulelwa kwentsha emantombazaneni aneminyaka engu-10 kuya ku-19 edolobheni leTheku eqhubekayo nokuba yinkinga, okufaka nemithelela yokukhuphuka kokuthelelana kwe-HIV, abayekayo ezikoleni kanye nobubha.
Okunye okuhlalukile ukuthi phakathi kuka-April 2024 no-April 2025, ingu-7 627 intsha ekhulelwe, okufaka phakathi amantombazane angu-153 aneminyaka engu-10 kuya ku-14.
Izethulo zikaMasipala zifake nohlu lwezikole ezingu-10 ezinenamba enkulu yokukhulelwa kwabafundi kusukela ngo-January kuya ku-March nonyaka. Izindawo ezihamba phambili ngokukhulelwa kwentsha kubalwa Inanda, KwaMashu, Hammersdale, KwaDabeka, KwaNyuswa, Tshelimnyama, uMlazi nase-Chatsworth
Iphini leMeya yeTheku uNkk Zandile Myeni ugcizelele isidingo sokungenelela ngokushesha kwezinhlaka kanye nomphakathi.
“Ukuze isifunda sinciphise ukukhulelwa kwezingane nentsha, uMasipala weTheku kumele ube nendlela kanye nezisombululo ngaphambi kokuthi ukukhulelwa kwentsha kube inkinga yomphakathi, yezenhlalo kanye nezempilo. Ukukhulelwa usemncane kunomthelela hhayi kuphela kumama osemncane nengane, kodwa emphakathini wonke. Kumele futhi sifake ukuzivikela kwi-HIV kulemizamo,” kusho uNkk Myeni.
Uthe ezinye zezinto okuxoxwe ngazo ukungenelela kohlelo lwe-Zero Percent Learner Pregnancy, eyathulwa eminyakeni emibili edlule ngaphansi kwesifunda somkhandlu weNgculazi okuhloswe ngawo ukugqugquzela amantombazane ukuthi abe sesikoleni futhi ikhuthaze ukuqwashisa ngempilo yocansi kubafundi.
“Ukukhulelwa kwentsha ukukhathazeka okubalulekile kwezempilo yomphakathi. Kuveza ngokusobala ukuthi iningi labantu abancane bazibandakanya ocansini olungaphephile, okukhuphula amathuba okusuleleka nge-HIV. Izibalo ziyathusa ikakhulukazi emantombazaneni aneminyaka engu-10 kuya ku-14. Sidinga wonke umuntu adlale indima kusukela kubazali, othisha, abaholi bomphakathi nohulumeni ukuze kulwisane nalenkinga,” usho kanje.
Kuvele nokuthi isibalo sokukhishwa kwezisu ziyakhula njengoba ingu-582 intsha ekhipha izisu ngenyanga ezindaweni zezempilo zikamasipala. Uthe lezi lezibalo azifaki ukukhishwa kwezisu ezindaweni ezingaphephile.
