
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka uveze ukuthi ngoLwesine uzovakashela isikole samabanga aphezulu iBizimali eNkandla emva kwezigameko zokudlwengulwa kwabafundi.
Babalelwa kwabayisithupha abafundi abanukubezwe ngokocansi kulesi sikole.
Umphathiswa uphinde wadlulisa ukuncoma bokubambisana kwezinhlaka ezahlukene kanye nomphakathi ekubanjweni komsolwa.
Kodwa, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekile ukuboshwa kukamsolwa ngamaphoyisa aseMariannhill ngoMsombuluko, waphinde waveza ukuthi umsolwa weqile esitokisini samaphoyisa ngesikhathi kulindeleke ukuthi ahanjiswe ejele kanti namanje usagcwele amathafa.
“Ukuboshwa komsolwa kutshengisa okwenzekayo uma imiphakathi nezinhlaka zisebenzisana. Sikhathazekile ngokuphepha kwezingane zethu futhi lesi sihlava sisithusile sonke. Kodwa, ubumbano olukhonjisiwe ekubambeni umsolwa kusinika ithemba lokuthi ubusathane obunje ngeke bamukelwe,” kusho uHlomuka.
Uthe uMnyango wezeMfundo uthumele ithimba lodokotela bengqondo oluzohlinzeka luphinde lweseke abafundi abahlukumezekile nemindeni yabo.
“Umnyango umelene nanoma yiluphi uhlobo lokuhlukunyezwa kwabafundi futhi siyaqhubeka nokusebenzisana nabezomthetho ukuqinisekisa ukuthi izikole ziyaqhubeka nokuba yindawo ephephile yazo zonke izingane,” usho kanje.
Uthe uzohlangana nabaphathi besikole, umphakathi ngoba okubalulekile kubo ukuthi beseke abafundi kulesi sikhathi esinzima nokuqinisekisa ukuthi inhlalakahle yabo ayithikamezeki.
