
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ugxeke isenzo sokunukubeza ngokocansi esikoleni samabanga aphezulu iBizimali, eNkandla waphinde wathi umsolwa akaboshwe ngokukhulu ukuphuthuma njengoba umsolwa usagcwele amathafa.
UNdunankulu uphinde wanxenxa amaphoyisa kanye nomphakathi ukuthi abasebenzisane futhi uze phambili uma kukhona ulwazi onalo olungasiza ukuthola nokubamba umsolwa.
Uthe lesi senzo asinandawo ezikoleni kanye nasendaweni yomphakathi.
“Sicela wonke umuntu onolwazi lokuthi umsolwa ukephi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze ngokushesha. Ukuthula kuvikela izelelesi, sonke kumele silwisane nodlame,” kusho uNtuli.
UNdunankulu uphinde wanxenxa yonke imiphakathi ukuthi iwabike amacala okuhlukumeza futhi njengohulumeni wesifundazwe bazibophezele ukuvikela nokuphepha kwabo bonke abahlali, ikakhulukazi abezifazane nezingane.
Khonamanjalo: uNdunankulu uphinde wancoma inqubekela phambili emacaleni amabili okuhlukumeza athinta abantu abaphezulu okubalwa kuwo icala lika Ayabonga Mjilo elihlehliselwe u-23 June nonyaka, wayalela abezomthetho ukuthi bagwebe umsolwa ngesigwebo esiqinile uma etholwe enecala.
Elinye lithinta uNksz Sindi Gumede owahlukuhyezwa uSifiso Nkwanyana emva kokuthi amthumbe, wamyisa ekhaya lakhe eNdwedwe lapho afike amshaya khona ngaphandle kwemvume yakhe maqedane wamdlwengula ephindelela.
“Kumele sakhe imiphakathi lapho kungekho owesifazane, owesilisa kanye nezingane ezizohlala ngokwesaba. Ubulungiswa akumele nje kwenziwe, kumele kubonakale ukuze kwenzeke. Kumele siqikelele ukuthi labo abasinda kulezi zigameko bayezwakala, bayasekwa futhi bayavikelwa,” usho kanje.
Ugcizelele elokuthi udlame lwe-Gender Based Violence luthinta abesifazane nabesilisa, waphinde waphonsela inselelo kwabesilisa abayizisulu ukuthi bengasabi ukubika ukuhlukumezeka ngoba besaba ukuthi bazohlazeka noma behlelwe yisithunzi.
