
Nhlakanipho Mnqayi
Ushe waba ngumlotha oyedwa ngesikhathi kuqubuka umlilo ocekele phansi imijondolo engu-22 yase-Effingham izolo.
Imibiko ithi isisulu esineminyaka engu-29 okungu Ayanda Ziqethu odabuka ePort St. Johns, e-Eastern Cape, kusenele njengoba umlilo uvele washa ubuhanguhangu kuyo lemijondolo, imindeni engu-21 kuya ku-28 yasala budengwane.
UMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu, KwaZulu-Natal ubike ukuthi uselithumelile ithimba lakhe eliyodlulisa amazwi enduduzo emndenini oshonelwe.
“Ngiyaxoxisana noKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Nhlanhla Mkhwanazi ukuqinisekisa ukuthi uthumela ithimba lakhe longoti abacwaninga ubufakazi (forensics) ukuze lisuse izicubu ezisalile zesisulu. Ngiphinde ngathinta noNgqongqoshe kaZwelonke wezokuHlaliswa kwaBantu, uNksz Thembi Simelane neMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba ukuze sisheshe singenelele,” kusho uDuma.
Uthe okubalulekile ukuthi kumele aye endaweni yesigameko ukuze abe seceleni komphakathi okhathazekile ngoba yiwona ohamba phambili.
“Ithimba lethu seliluphothulile uhlelo lokuthola imindeni, sizobe sesisheshisa ukuthi singenelele. Sincoma nongqongqoshe ngokukwazi ukuphendula ngokushesha, ikakhulukazi uma sibhekene nezinhlekelele ezidinga imizi ngokushesha nezinsiza zokwakha,” usho kanje.
Uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abahlali basemjondolo yase-Effingham bakha kabusha izimpilo yabo
