
Nhlakanipho Mnqayi
IMeya kaMasipala wasoGu uMnuz Skhumbuzo Mqadi isiveze izinhloso zabo zokuhlanganisa amasiko, umculo we-jazz, abantu kanye nokufukula umnotho wendawo ngomcimbi we-Off Ramp Experience
UMqadi usho kanje ngesikhathi kwethulwa umcimbi we-Off Ramp Experience obambisene ne-Ugu Jazz Festival eThekwini, eMhlanga namhlanje ngoLwesithathu, ingqikithi yawo yakulo nyaka ethi Vusumuzi.
Lo mcimbi ozoqala ngo-21 June nonyaka uzoba nezinhlobonhlobo zemidlalo okubalwa kuzo umqhudelwano wokudoba, umqhudelwano webhola iMayor’s Cup, iWorship Experience ebese ngo-28 June kwethulwe i-Ugu Jazz Festival uvalwe ngokuqwala intaba ngo-29 June nonyaka.
Izikhulu ebezihambele lo mcimbi kubalwa iMeya yaseRay Nkonyeni uNkk Zodwa Mzindle noSotshwebhu wakuMasipala uGu uNkk Matho Cele nabanye.
Ethula inkulumo yakhe, uMqadi, uthe uyathobeka ngokubuya koGu Jazz Festival
“Umcimbi we-Ugu Jazz Festival awusiwona nje umcimbi kodwa uxoxa indaba. Asihloniphi kuphela umculo we-Jazz kodwa sitshala imali ekusaseni lomphakathi wethu,” kusho uMqadi.
Uthe umcimbi we-Ugu Jazz bazowuhlanganisa nowe-Off Ramp.
“Lo mcimbi uzobuya sesiwuhlanganisa nowe-Off Ramp Experience ngo-June ngonyaka ozayo. Ikhona eminye imicimbi esizoba nayo kulo nyaka ezokwenza abantu bethu bejabule. Sizama ukuvuselela umnotho wase-South Coast njengoba sazi ukuthi iyindawo yokungcebeleka,” usho kanje.
Ugcizelele ukuthi abantu abafike ngobuningi babo kulo mcimbi njengoba uzoqala ngenyanga ezayo kwenziwa izinhlobo nhlobo zemidlalo ebese ngo-28 June kwethulwe ngokusemthethweni umcimbi we-Ugu Jazz Festival.
Uphinde waqinisekisa ukuthi amanzi akhona kuyo lendawo njengoba abuye abahluphe.
Ohlela umcimbi we-Off Ramp, uMnuz Siya Msomi uthe kulo nyaka kuzobe kuwukuyethula kabusha Ugu Jazz Festival bese kuthi ngonyaka ozayo benze indumezulu. I-Offramp kuzoba ngokwesithathu ikhona.
“Lokhu kusangamazwibela ngoba singumndeni futhi sifuna ukuba yindawo ephakela izivakashi. Ukubuya komcimbi we-Ugu Jazz kuzoba nesasasa elikhulu ngoba kulokhu sizobe sihamba ngelinye igiya,” kusho uMsomi.
Uthe bazibophezele ukuqinisekisa ukuthi inyanga ka-June kuba eyase-South Coast.
