
Nhlakanipho Mnqayi
Imoto ethwala amanzi iphelelwe amandla yaphaphalaza yayoshayisa imizi emibili ngaphansi koMasipala waseMsunduzi izolo ntambama.
Kubikwa ukuthi lesi sehlakalo senzeke endaweni yaseNhlazatshe eShayamoya kuwadi-11, kwashona ababili kwathi abanye ababili balimala.
Umphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi usedlulise amazwi enduduzo emindenini.
“Ngidlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe kanye nalabo abalimele ukuthi ballgame ngokushesha,” kusho uMfu Buthelezi.
Uphinde waveza ukuthi abezezinhlekelele basendaweni yesigameko bahlinzeka ngosizo kanye nengqalasizinda emindenini ethintekayo okubalwa kuzo indawo yesikhashana yokufihla ikhanda, izinsiza ezibalulekile kanye nosizo lwezenhlalakahle.
