
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi usethuthele imindeni edilikelwe yimizi eMlazi ka-P eThekwini ukuthi iyokhosela emphakathini engomakhelwane ngaphansi kweNkosi uCele.
Umndeni wakwaMnguni, owakwaMadondo, owakwaMazibuko nowakwaMsomi idilikelwe yimizi ngesikhathi kudilika udaka njengoba bekunezimvula ezinamandla eThekwini namaphethelo NgoLwesihlanu. Lesi sehlakalo siholele ekutheni kulimale abantu abayisithupha, kodwa abathathu baphumile esibhedlela.
Ekhuluma nabezindaba umphathiswa uthe bakhathazekile ngalesi simo esikulendawo.
“Njengomnyango, ngaphansi kohlelo lakwa-Cogta Disaster Housing sisebenzisana nabasizi bethu, sizibophezele ukuletha usizo emiphakathini esifundazweni sonkana. Siqalise izingxoxo neNkosi uCele yaseNgonyameni mayelana nokuthuthela lemindeni ebhekene nokuthuka. Kusobala ukuthi lendawo abahlalo kuyo manje isimo sayo asiphephile futhi sisencupheni yokuthi sikhahlamezeke,” kusho uMfu Buthelezi.
Uyalele abezinhlekelele zesifunda ukuthi basebenzisane ne-eThekwini Metro ukuhlola indawo yonke.
“Uma sibheka sisebenzisa ikhamera ehambaa phezulu iyatshengisa ukuthi imizi eminingi endaweni inezimpawu zokulimala, ezingenza ukuthi kube nengozi ekuhambeni kwesikhathi.”
“Umnyango uzoqhubeka ukusebenzisana neminyango efanele ukuqinisekisa ukuthi imindeni ekhahlamezekile iyasekwa, kubalwa nokusekwa ngeminyango efana no-SASSA noMnyango wezaSekhaya njengoba lemindeni ilahlekelwe amaphepha abalulekile. Okuhlalukile ukuthi umfundi owenza u-matric kweminye yemindeni ylahlekelwe umfanekiso wakhe kanye nezinsiza zokufunda,” usho kanje.
