
Nhlakanipho Mnqayi
Badele imvula, bacula izingoma zomzabalazo amalungu omphakathi aseMawoti eNanda njengoba bekuvela abasolwa abane beqembu lemigulukudu iWest enkantolo yeMantshi eNtuzuma ngoLwesine.
Labasolwa uTshepo Ngwane, Sifiso Innocent Zukulu, Sanele Shwabede noKhayelihle Cele abaneminyaka ephakathi kuka-21 no-33 baboshwe ngempelasonto lapho abebecashe khona eCato Manor. Bathinteka kuxhaxha lwamacala abalelwa ku-20 okubulala namanye amaningi okuzama ukubulala kusukela ngo-June nyakenye kuze kube yimanje.
Ngaphakathi enkantolo abasolwa bafundelwe amacala abo namalungelo abo nanokuthi uma zifuna ibheyili zingenza kanjani. Azizange zinanaze njengoba zivele zakubeka obala ukuthi aziyifuni. Abasolwa baphinde banqaba ukuthi abezindaba babaqophe, kodwa inkosi yenkantolo yaphikisana nabo. Okunye okuvuse umunyu emphakathini obusenkantolo ukuthi abanye babasolwa bebegqoke izingubo abaziphuca izisulu ngesikhathi bezihlukumeza.
Ngokusho kwelinye lelungu le-Community Policing Forum (CPF)elixhumanisa umphakathi nabezindaba, lilandise Ezangempela For Real, lithe izinkulungwane zamalungu omphakathi abebhikisha acelwe yimindeni yezisulu ukuthi uyiphelezele ngoba uzwile ukuthi abasolwa bazovela enkantolo namhlanje.
“Ukubona abasolwa abayingozi kanje bevele bonke enkantolo kusibuyisele ithemba elikhulu ekuzikhandleni kwamaphoyisa ethu, izandla zedlula ikhanda. Abasolwa bebebukeka bethukile engicabanga ukuthi yikho okubenze ukuthi bengayiceli ibheyili ngenxa yokubona intukuthelo yomphakathi,” Kusho ilungu le-CPF.
Lithe libonge ukubumbana komphakathi ekulwisaneni nobugebengu obudlangile kulendawo.
Icala lihlehliselwe inyanga ezayo zingu-27 May nonyaka.
