
IMamelodi Sundowns idlule ngenxaphephe kwi-Al Ahly emdlalweni owandulela owamanqamu weCaf Champions League eCairo namhlanje ebusuku.
Bese kusele imizuzwana umdlalo uphele ngesikhathi u-Ibrahim elishaya ngesithende ngephutha kuba yi-own goal eyenze umdlalo waphela ngo 1-1 njengoba i-Al Ahly ivalele elihle ngesiwombe sokuqala. Ngenxa yomthetho wegoli lasekuhambeni, iSundowns idlulele kuma final kwazise umlenze wokuqala ePretoria waphela ngo 0-0.
Umphumela wehlise umthwalo kumqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso obeseqala ukucika abanye abalandeli beqembu ngoba iqembu lisanda kukhishwa yiChiefs kwiNedbank Cup.
ISundowns isilinde ukubona i-Orlando Pirates ukuthi yenza njani emdlalweni wayo nePyramids ukuze kuqopheke umlando i final idlalwe amaqembu aseSouth Africa odwa.
Umdlalo wePyaramids nePirates usuqalile manje ngo-8 ebusuku e-Egypt.
