
Ukhomishana wamaphoyisa uGeneral Fannie Masemola ukuqinisekisile ukudutshulwa kwezimoto ebezihamba iphini likamengameli uPaul Mashatile.
Umbiko ngalesi sigameko uqale ukuvela ngempelasonto uMashatile wawuqinisekisa ethi babezitshela ukuthi ngamatshe ashaya imoto ngaphambi kokubona ukuthi inhlamvu.
Abanye babantu, nosihlalo we-ANC obuyiselwe ngo elethu esikhundleni eNorth West uZamani Saul, bashaya amakhala bezibuza ukuthi ubani ongazama ukudubula uMashatile.
UMasemola uthe baqinisekisa izwe ukuthi ubuholi bezwe umengameli nephini baphephile.
“Amalungu ePresidential Protection Service (PPS) agada umengameli bephini likamengameli aqeqeshwe ngokwezinfa eliphezulu ukugwema noka ngabe isiphi isimo esinobungozi,” kusho uMasemola.
Uthe yize kungayona into ejwayelekile ukukhuluma ngokuphepha kwezikhylu nodwa ukubone kubalulekile ukuqinisekisa isizwe ukuthi izinsiza ezfanele zihlale zikhona ukugada abaphathi.
“Ngemuva kwesigameko kwenziwe uphenyo olunzulu futhi lusaqhubeka nombiko wezimbobo zenhlamvu usukhona. ICrime Intelligence iyaqhubeka nokuphenya okujwayelekile ngobungozi kumengameli nephini,” kusho uMasemola.
Uthe kwandiswe abaqaphi bakamengameli nephini.
