
Umfundisi waseNigeria uTimothy Omotoso akaziwa ukuphi ngemuva kokukhishwa inkantolo emacaleni okudlwengula nokushushimbisa abantu abebhekene nawo e-Eastern Cape.
U-Omotoso uphume esehlale iminyaka engu-8 ejele. Kwathiwa uzobuyiselwa kwelakubo uma ededelwa ngoba ekuleli ngokungemthetho kodwa akwenzekanga.
Okhulumela uMnyango wakwaHome Affairs uSiya Qoza uthe akahanjiswanga ngoba kusaphenywa ngesimo sakhe sokuba kuleli.
IDaily Maverick ibike ukuthi ummeli wakhe uPeter Daubermann uthe yize engasagunyaziwe ukumkhulumela kodwa u-Omotoso wakhishwa ejele wangaboshwa ukuze ezogodukiswa.
Uthe iNational Prosecuting Authority yadukisa abantu uma ithi uzogcinwa esitokisini bese ebuyiselwa eNigeria.
“Bengizokwaziswa uma uMnuz Omotoso ephinde waboshwa futhi ngisola ukuthi usakhululekile. Angikholwa nokuthi izikhulu ziyamazi ukuthi ukuphi uMnuz Omotoso njengamanje,” kusho uDaubermann.
