
Abadlali beDurban City banqabe ukuhlehliswa komdlalo wabo ngoLwesihlanu ngoba befuna ukuhlonipha uzakwabo oshone ngoLwesibili ngokunqoba isicoco seMotsepe Foundation.
USinamandla ‘Sgora’ Zondi (22) uquleke besazifudumeza ngaphambi komdlalo wabo neMilford FC eChatsworth Stadium. Uphuthunyiswe esibhedlela lapho efike washonela khona.
NgoLesihlanu iDurban City ehleli esicongweni selogi ngamaphuzu angu-46 emidlaliweni engu-25 izodlala nePretoria Caillies FC eChatsworth.
USihlalo weCity uFarook Kadodia uthe iPSL ibanikile ithuba lokuhlehlisa umdlalo kodwa abadlali banqaba.
“Abadlali bakholwa ngenye indlela. Bakholwa ukuthi ukube bebengasijahi isicoco bebezosithatha isiphakamiso seligi. Into ebalulekile kubo ukuthi ukunqoba isicoco kuzobe yindlela ekahle yokukhumbula uSinamandla Zondi,” kusho uKadodia.
Ekhuluma no-Andile Ncube kwiMetro FM uthe babone ukuthi abafuni ukulahlekelwa wukuba sesicongweni bese kumele bajahe amaqembu angaphezu kwabo.
Uthe kubathusile ukushona kukaSgora ofike eqenjini eneminyaka engu-18 ngoba akaze akhale ngalutho.
I-PSL idlulise amazwi enduduzo yathi kuyo yonke imidlalo yeBetway Premiership, Motsepe Foundation neDStv Diski Challenge kuzoba nomzuzu wokuthula ngaphambi kokuthi iqale kuleli viki.
