
Nhlakanipho Mnqayi
Njengoba amaphoyisa eqhuba umkhankaso wamaholidi wokuqinisekisa ukuphepha ngesikhathi sePhasika, awasesifundeni iMzinyathi asebophe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-26 no-37 ngokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe amaphoyisa, ngoLwesine amaphoyisa ase-Greytown, izinkampani zonogada ezizimele kanye nophiko lakwa-Road Traffic Inspectorate (RTI), bebebheka amalayisensi okudayisa utshwala, izivimbamgwaqo nokubeka abasolwa abafunwayo.
“Ngesikhathi kuqhubeka lolu hlelo, amaphoyisa athole isibhamu esingekho emthethweni se-38 Special revolver kwaboshwa umsolwa oyedwa. Uphenyo luveze ukuthi isibhamu kwabikwa ukuthi sintshontshiwe eNanda,” kusho isitatimende.
Sithe ngo-18 April nonyaka kuphinde kwenziwa uhlelo olufanayo endaweni yaseMsinga lapho okuboshwe khona abasolwa abane abatholakale nezibhamu kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni.
“Zonke izibhamu ezitholiwe zizohanba ziyohlolwa ngohlelo lwama-ballistics ukubheka ukuthi azibandakanyeki yini noma azisetshenziswanga ukwenza obunye ubugebengu,” sisho kanje.
Abasolwa ababoshiwe bazovela enkantolo yeMantshi eGreytown naseMsinga maduzane.
