
UMasipala weTheku usucacise inkulumo eshiwo yikhansela le-Action SA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango mayelana nenkulisa yamaphoyisa akwaMetro emhlanganweni womkhandlu lomasipala obe nawo izolo.
Umasipala uveze ukuthi uphiko olubhekelele ezemithetho yomgwaqo, iRoad Traffic Management Corporation (RTMC), ithe wonke amaphoyisa omgwaqo sekumele kukhushulwe iziqu zawo zibe ngu-Level 6.
Lokhu kuchaza ukuthi amaphoyisa angabafundi manje asezoqeqeshwa iminyaka emithathu egcwele, kwazise kade eqeqeshwa unyaka owodwa.
Umasipala uthe amaphoyisa asaqeqeshwa kulindeleke ukuthi ahlale ekolishi iminyaka emithathu efunda ukuze ahlangabezane nezemfundo ngokuhambisana nezidingo zikazwelonke. Uthe angeke kube yisikhungo sokuqeqesha kuphela, kodwa sizophinde sibeke endaweni eyodwa ukuqeqeshwa okuyisipesheli kwesimanjemanje okunikezwa ngaphandle kwezindleko eziphezulu.
Usekela Meya yeTheku ophinde abe nguSihlalo wezokuphepha nezimo eziphuthumayo ekomidini, uNksz Zandile Myeni uthe bakholelwa ukuthi zonke lezi zinsizakalo zokuqeqesha eziyisipesheli kufanele zifakwe esikhungweni sokuqeqesha esakhelwe inhloso eyodwa. Ngokuphambana nalokhu okushiwo yiKhansela uMncwango, umasipala ukhulisa amandla awo angaphakathi ngokufuna ezinye zezinto ezibalulekile ekuqeqesheni amaphoyisa.
“Ngaphandle kokuhlinzeka izidingo zamaphoyisa akwaMetro, le-kolishi ibhekwa njengendawo yokuqeqesha kazwelonke neyesifunda futhi bahlele ukuvulela abanye omasipala eNingizimu Africa yonkana abadinga ukuqeqesha amaphoyisa abo omgwaqo ngoqeqesho olusezingeni eliphezulu.
“Umasipala uzofaka isicelo se-Request for Proposal (RFP) ukuze sikwazi ukuqoka izinkampani ezizimele ezingasixhasa, wakhe uphinde uqaphe le kolisi. Le nkampani izobheka lesi sikhungo isikhathi esithize kube kuba ukuthi sigcina sesiphethwe wu-Durban Metro Police ngokuphelele,” kusho uNksz Myeni.
Uthe iDurban Metro Police yisona sodwa isikhungo eNingizimu Africa esiholela abafundi u-R17 000 njalo ngenyanga ngesikhathi besaqeqeshwa.
“Njengoba ukuqeqeshwa kululelwe iminyaka emithathu, ayimile kahle ngakwezimali ukuthi ikhokhe imali ephelele kubafundi abangakasatshalaliswa ngokusebenza. Yingakho sebezothola imadlana engu-R7 000 njalo ngenyanga ngesikhathi besaqeqeshwa.
“Imali engi-R10 000 ezosala izobhekelela ukukhokhela umhlinzeki ozobe ebheka ukusebenza kwekolishi okubalwa kukho ukuhlala, ukudla, ukuhlanzwa, ezokuphepha nezokuphatha,” usho kanje.
Uthe lokhu kuzokwenza bekwazi ukuvikela utshalo mali lwabo, baxhase izikhungo ezintsha bephinde behambisane nemithetho kazwelonke bephinde baqinisekise ukuthi bayaqhubeka ukuba umholi ekuqeqeshweni kokugcinwa komthetho ezwenikazi. Uthe uma sekuvunyelwene , bazobuya bezokwethula kumkhandlu uhlelo abazosebenza ngalo.
