
Isithombe: Nhlakanipho Mnqayi
Nhlakanipho Mnqayi
Inkampani kaPetrol, uShell Downstream South Africa ibe nomkhankaso wokuqwashisa abashayeli njengoba kuyiwa kwimpelasonto yePhasika.
Lomkhankaso obizwa nge-Drivers Awareness Campaign, ububanjelwe egaraji iShell Ultra City emgwaqeni omkhulu uN2, eMvoti.
Isikhulu esiphezulu kwa-Shell Downstream South Africa, uMnuz Aluwani Museisi, uthe inhloso yabo ngalo mkhankaso yingoba babone izibalo zezingozi zomgwaqo zikhuphuka eNingizimu Africa.
“Inhloso yokwenza lomkhankaso yingoba sibone izibalo zezingozi nokulahleka kwezimpilo zabantu eNingizimu Africa kukhula, sabona kufanele ukuthi siqwashise abashayeli. Siyathemba ukuthi ngalokhu sizokwazi ukusindisa izimpilo zabantu,” kusho uMuseisi.
Uthe esinye isizathu ukuthi abashayeli bachitha isikhathi sabo esiningi besemgwaqeni.
“Njengoba sibambisene nenkampani uDiscovery, kungenye yezinhloso zethu yokuqinisekisa ukuthi abashayeli bayazihlolela izifo ezahlukene, ngoba ezempilo ziyahambisana nokuthi umuntu ashayele ngokucophelela.”
“Bonke abashayeli abebeza kithi inkampani uDiscovery ubebahlolela izifo ezahlukene okubalwa kuzo iBlood Pressure, iCholesterol ne-Temperature okuyiyo ebesitshela ukuthi umuntu kumele yini aye kudokotela noma cha. Nyakenye babalelwa ku-1000 abantu abahlolwa kwatholakala ukuthi kumele babone udokotela ngenxa yesimo sabo sezempilo esasingesihle,” usho kanje.
Uthe bazoqhubeka nalolu hlelo ngoba luyabonakala ukuthi luthela izithelo ezinhle kubashayeli.
Khonamanjalo, uMnuz Mduduzi Mdluli ongomunye wabashayeli obesuka eMlazi eya eGroutville, uphonsele inselelo abanye abashayeli ukuthi njengoba kuyimpelasonto yePhasika, abahloniphe umgwaqo nemithetho yawo ngoba izimpilo zabo zibalulekile.
“Lomkhankaso usiza wonke umuntu, hhayi abashayeli kuphela ngoba kuyadingeka ukuthi umuntu ehlezi esazi isimo sakhe sempilo ukuthi simi kephi,” kusho uMdluli.
Uthe uyacela ukuthi njangabashayeli behloniphane emgwaqeni. Uthe akusizi ukujaha ngoba yikho okungase kudale izingozi.
