
Nhlakanipho Mnqayi
Umphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi wamukele umnikelo ka-R1 million oqhamuma kuhulumeni wase-China.
Lomnikelo wenzeke ngesikhathi kwethulwa i-Winter Season Disaster Awareness Campaign kuMasipala waseMandeni izolo.
Inhloso yalo mkhankaso ukuqwashisa imiphakathi ngobungozi bezinhlekelele, kugqugquzelwe ukuzilungiselela emakhaya futhi kube nokusebenzisana phakathi kwezinhlaka zikahulumeni, ababambiqhaza kanye nabalingani bamazwe ngamazwe.
Edlulisa inkulumo yakhe, umphathiswa ubonge wanconcoza kuhulumeni wase-China ngokuqhubeka nokuseka abantu baKwaZulu-Natal ngezikhathi zezinhlekelele.
“Sibonga asiphezi ngalolu xhaso kuhulumeni wase-China. Lomnikelo uzosiza kakhulu imiphakathi ekhahlamezekile yizinhlekelele iphinde ifukule imizamo yethu yokusiza,” kusho uMfu Buthelezi.
Uthe umnyango uzinikele ekulungeleni izinhlekelele.
“UMnyango wakwa-COGTA uyaxoxisana nabo bonke omasipala ukubuka izinhlelo zabo zokulungiselela izinhlekelele. Siyasebenzisana kakhulu neziphathimandla zendawo ukuqinisekisa ukuthi bakulungele ukubhekana nanoma yiziphi izimo eziphuthumayo,” usho kanje.
UNksz Sun, obemele amanxusa ase-China yena uthe lomnikelo uyingxenye kuhulumeni wase-China yokweseka abantu baKwaZulu-Natal.
“Abantu base-China bayawuqonda umonakalo owenziwa yizinhlekelele futhi ngalolu xhaso basophe ukuqinisekisa ukuthi isifundazwe sikwazi ukuhlanganisa ngokushesha izinsiza uma bethola imibiko,” kusho uNksz Sun.
Ngesikhathi kwethulwa umkhankaso, abahlali bathole ulwazi ngesimo sezulu, kanye nezingozi ezivame ukwenzeka esifundazweni uma kuwubusika, baphinde bafundiswa ngezindlela ezibalulekile zokuzivikela.
