
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka umemezele ukuqashwa kothisha abangu-1 530 kusukela ngo-January no-April nonyaka ezikhaleni ezibucayi zika-Level 1.
Othisha baka-Level 1, banesipiliyoni futhi abangagundisa noma ngase ikusiphi isigaba okubalwa kuzo iFoundation Phase, Intermediate Phase, Senior Phase nasezikhungweni zemfundo ephakeme.
Umphathiswa uthe lezi zikhala zivuleke ngenxa yokuthi kukhona abathathe umhlalaphansi, abashonile, abakhushulelwe kwezinye izikhundla nabasulile.
“Ingxenye yezikhala eziningi ivuleke ezifundweni ezibucayi ezifana neMathematics, Mathematics Literacy, Physical Science, Life Sciences neTechnical nezinye izifundo ezintsha. Ukugcwaliswa kwalezi zikhala sibheke ukuqinisekisa ukuthi awekho amakilasi angenabo othisha,” kusho uHlomuka.
Uthe njengo mnyango sebengakuqinisekisa ukuthu izikhala ezingu-737 zika-Level 1 ezakhangiswa ngoSeptember nyakenye zigcwalisiwe ekupheleni kukaMarch nonyaka.
“Le mpumelelo itshengisa ukuzibophezela kwethu ekuletheni ezemfundo esezingeni kubafundi basesifundazweni saKwaZulu-Natal. Ukugcwaliswa kwalezi zikhala kuyingqophamlando ebalulekile yomnyango njengoba izothuthukisa izinga lika thisha nomfundi, livuselele ukufunda nokufundisa ebese kuthuthukisa nemiphumela yabafundi.”
“Umnyango uthanda ukudlulisa ukubonga kuzona zonke izinhlaka ezithintekayo okubalwa kuzo othisha, izinyunyana kanye nomphakathi wonkana wezemfundo. Ukusebenza kwabo kanzima nokuzinikela kwezemfundo kube semqoka kakhulu ekufinyeleleni kule ngqophamlando,” ubeke kanje.
Uthe uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uzibophezele ekuqhubekeni nezindlela zokuthuthukisa ezemfundo esifundazweni.
