
Umculi ka maskandi uThokozani ‘Somnandi’ Langa usenxuse abantu ukuthi bamsize ukuthola umlisa omxhaphe ngenhlamba kuFacebook.
Akwaziwa ukuthi yini eyenze lona wesilisa onguSfiso Ngcobo Cebo wagaklaza uSomnandi ngenhlamba
“Ig&& lelo mfana inkinga yakho uphuphile nje g&&& elidala,” kubhala lona.

USomnandi kubukeka imcasulile lento ngoba uvele wabhala kuFacebook efuna abantu bamtholele yena.
“Ngiyanazi nina bafowethu nodadewethu anihlulwa yilutho ngicela ningelekelele ningibhekise loskhotheni ngifuna ukwenza ngaye isbonelo ngoba ngiyabona imfundiso iyashoda,” kubhala uSomnandi.
Abanye bese beqalile ukumnika umkhondo wokuthi engamthola kuphi.
Kuleli sonto abeNhlaka Productions baveze uSomnandi ephiwa isiklabhu usomabhizinisi uMandla Gwala othe umbonga ngokungabi nawo umona.
Uthe uyisibonelo esihle ngokweseka indodana yakhe uNjabulo Langa.
