
Nhlakanipho Mnqayi
Umndeni waKwaSibisi, eMgababa ku-ward-98, KwaZulu-Natal ubonga uyanconcoza njengoba bebehanjelwe inhlangano engenzi nzuzo iSifisa Okuhle Foundation ebanikelele ngokudla nangezinye izidingo ngoba udla imbuya ngothi.
Lo mndeni onamalunga amane okungoNksz Akhona Sibisi (16), Thabisile Sibisi (19), Thobeka Sibisi (19) noNkk Nokuthula Sibisi (50), oziphilisa ngesibonelelo sikahulumeni, uthi impilo inzima njengoba ungazi kwesinye isikhathi ukuthi uzothatha ini uhlanganise nani ukuxosha ikati eziko.
Elandisa Ezangempela For Real, uNkk Nokuthula Sibisi uthe bajabule kakhulu ngosizo abalutholile.
“Siwumndeni ongathathi entweni, ukufika kweSifisa Okuhle kusilekelele kakhulu ukuthi sikwazi ukuxosha ikati eziko ngokudla abasiphe kona kanye nezinye izinsiza. Isimo asikho sihle, siyacela kunoma ubani ongalekelela ukuze sikwazi nathi ukuthi sifane neminye imindeni,” kusho uNkk Sibisi.
Uthe njengoba kungekho osebenzayo bephila ngemali yesibonelelo eholwa ngu-Akhona yiyo edlala indima enkulu emndenini.
UMnuz Mpilo Zuma onguSihlalo weSifisa Okuhle Foundation, uthe inhloso yabo enkulu ukuqinisekisa ukuthi balekelela umphakathi.
“Ukuletha injabulo nethemba nokufisa okuhle yinto esizigqaja ngayo ukuthi siyayenza. Isimo somndeni wakwaSibisi sasithinta kakhulu njengenhlangano okuyingakho sikhethe ukuzophonsa esivivaneni,” kusho uZuma.
Uthe njengoba babebambisene nezinhlaka eziningi ukuqinisekisa ukuthi lomndeni uyasizakala, kutshengisa ngokusobala ukuthi niyakwazi ukuhlangana nenze okuhle ukuze nabanye bezofunda benze okufanayo, bephinde besize nangoxhaso ukuze kusizakale abanye.
