
Nhlakanipho Mnqayi
Ngenhloso yokuqinisa kuphindwe kuqhakanjiswe izikhungo zobuholi bomdabu esifundazweni, uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usememezele umklomelo obizwa nge-Izinduna Excellence Awards.
UMfundisi Buthelezi wenze lesi simemezelo ngesikhathi enesithangami noSihlalo kanye namaphini oSihlalo bezindlu zomdabu kanye nabaholi bama-Khou-San.
UMfu Buthelezi uthe lemiklomelo izonikeza amakhosi igunya lokuthi baqoke izinduna ezenza umsebenzi oncomekayo emsebenzini wazo.
“Kulezi zinduna ezizoklonyeliswa ngomsebenzi wazo omuhle eziwenzayo kubalwa ukuletha ukuthula, ukuzinza kanye nokubumbana komphakathi,” kusho uMfu Buthelezi.
Uthe lemiklomelo izophinde iqhakambise izinhlaka ezibalulekile nezahlukahlukene ngaphakathi kobuholi bendabuko, eziqhubeka nokubamba ukuhambisana kanye nomthelela emphakathini wanamuhla.
“UMnyango uzibophezele emgomeni wawo nokusebenzisana namakhosi ekuqhakambiseni indima ebalulekile edlalwa yizinduna emiphakathini yethu,” usho kanje.
Usuku lwemiklomelo ye-Izinduna Excellence Awards luzokwaziswa ngokuhamba kwesikhathi.
