
Nhlakanipho Mnqayi
Amaphoyisa KwaZulbu-Natal aseveze ukuthi ngenyanga kaMashi nonyaka asebophe abasolwa abangu-11 780 ngohlu lwamacala ahlukene, kwashaqwa izibhamu ezingu-341, ezinhlamvu ezinhlobonhlobo ezingu-3 562.
Kubikwe nokuthi abasolwa abaningi baboshelwe amacala ahlobene nokuthintana, okuboshwe kubo abasolwa abangu-3 782. Bangu-219 ababoshelwe ukubulala, bangu-222, ababoshelwe ukuzama ukubulala, babe ngu-160 ababoshelwe ukugqekeza nokugqekeza kuhlonyiwe, abagqekeza izindlu namabhizinisi, ukuntshontshwa kwezimoto nokubamba inkunzi izimoto zemali.
Amaphoyisa ophiko lodlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane namacala athinta ucansi athi kuboshwe abasolwa abangu-248 ngamacala okudlwengula kwathi abasolwa abangu-49, baboshelwa ukunukubeza. Esitatimendeni esikhishwe amaphoyisa kuvela ukuthi babalelwa ezinkulungwaneni abasolwa ababoshelwe amacala okushaya.
“Bangu-1 817 abasolwa ababoshelwe amacala okushaya ngenhloso yokulimaza, babe ngu-891 ababoshelwe ukulimaza. Bangu-268 abasolwa ababoshelwe ukugqekeza ezindlini, babe ngi-55 ababoshelwe ukuntshontsha imfuyo,” kusho isitatimende.
Kuvele nokuthi kutholakale izinkomo ezingu-33 kanye nezimbuzi ezingu-80. Abasolwa abangu-17 bona baboshelwe ukuntshontsha izimoto. – Emacaleni athinta izidakamizwa kuboshwe abasolwa abangu-1 599. – Kwabashayela bedle amanzi amponjwana nezidakamizwa, kuboshwe abasolwa abangu-512, abangu-41 baboshelwa ukushayela budedenfu. – Izivimba mgwaqo ziholele ekutheni kutholakale izikhali eziyingozi ezingu-791, ezingu-716 zalezo zikhali bekuyi mimmese.
Amaphoyisa aqinisekisile ukuthi azoqhubeka nalolu hlelo kulenyanga ka-Ephreli futhi amaphoyisa azobe echithiwe yonke indawo njengoba kuza iPhasika.
