
Nhlakanipho Mnqayi
Uphiko lwamaphoyisa oKlebe eRichards Bay oluphenya ngobugebengu obuhleliwe selibophe uMnuz Celimpilo Mkhwanazi ngokubulala uKapteni Mandla Khubisa (58) owayesebenza esiteshini samaphoyisa eMpangeni.
Kubikwa ukuthi ngo-14 Disemba nyakenye, abasolwa abathathu bagasela emzini owawuse-H2 Esikhaleni bafuna ngodli omakhalekhukhwini kanye nemali bebakhombe ngesibhamu. Omunye kwababehlaselwa wakwazi ukubaleka walibangisa emzini ka-Khubisa eyobika ngokubanjwa inkunzi.
“UNkosikazi kaKhubisa wamfonela njengoba wayengekho ekhaya. Ngesikhathi efika endaweni yesigameko abasolwa badubula bebhekise kuye naye waphindisela. Washonela endaweni yesigameko, isibhamu sakhe somsebenzi sathathwa abasolwa. UNkosikazi wakhe naye wadubuleka waphuthunyiswa esibhedlela ukuze ayothola ukwelashwa,” kusho isitatimende.
Sithe umsolwa oyedwa watholakala eshonile endlini bude buduze nendawo yesigameko.
“Watholwa ephethe isibhamu esingekho emthethweni nomakhalekhukhwini abane ababethathwe ngesikhathi bebamba inkunzi. Icala lokubamba inkunzi, ukubulala nokuzama ukubulala lavulwa esiteshini samaphoyisa Esikhaleni.
“Idokodo labe selidluliselwa ophikweni loKlebe ukuze benze uphenyo olunzulu. Ngosuku olulandelayo, amaphoyisa abopha uMkhwanazi ngokutholwa nezibhamu ezimbili nezinhlamvu okungekho emthethweni. Ngesikhathi eboshwa kwatholakala ukuthi esinye sezibhamu esikaKhubisa,” UMkhwanazi wavela eNkantolo eMthunzini walaxaza isicelo sakhe sebheyili. Uphiko loKlebe luqhubekile nophenyo lwabo mayelana nokubulawa kuk aKhubisa kwatholakala ukuthi uMkhwanazi uyathinteka yingakho wabe ebeboshwa ngecala lokubulala. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi Esikhaleni namuhla ngoLwesibili.
OyiNhloko yesiFunda KwaZulu-Natal, uMajor General Dr Lesetja Senona, ukwamukele ukuboshwa kukaMkhwanazi, wancoma namaphoyisa ngokwenza umsebenzi omuhle.
