
Isithombe: Thuli Dlamini
Nhlakanipho Mnqayi
Ikomiti eliphezulu kuMasipala weTheku, i-Executive Committee lizibophezele ngokuthi lizozisukumela phezulu izikhalazo eziphakanyiswe uMvikeli woMphakathi, u-Adv Kholeka Gcaleka.
Leli komiti ebekukhona kulo iMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba usekela meya uNkz Zandile Myeni nemenenja kamasipala uMnuz Musa Mbhele bebenomhlangano obubanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre namhlanje.
Inhloso yawo bekuwukuqinisa ukusebenzisana phakathi kwehhovisi loMvikeli woMphakathi kanye nomasipala.
Embikweni wakhe uAdv Gcaleka uveze ukuthi zingu-29 izikhalalo ezifakelwe uMasipala weTheku okubalwa kuzo ukungaziphathi kahle, ukusebenzisa amandla, ukubambezeleka nokungalethwa kwengqalasizinda.
“Ihhovisi lethu selihlonze izinto eziningi ezidinga ukuthi sizibukisise ngokuphuthuma. Izikhalazo esizitholile zitshengisa ngokusobala ukuthi akusekho ukuthemba komphakathi okwenziwa ukungalethwa kwezidingo. Lomhlangano uyigxathu elibalulekile ekulungiseni lezo zinkinga ngokuthi sisebenzisane,” kusho u-Adv Gcaleka.
IMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, uthe uyazibophezela ukuthi uzothatha izinqumo ezinqala mayelana nokuhlaluke kulomhlangano.
“Siyakwamukela lokhu kusebenzisana futhi siyathembisa ukuthi nathi sizoba yingxenye yakho. Ngokushesha sizocubungulisisa lokhu ebese siqhamuka nezinhlelo zokulungisa lezi zinkinga. Lokhu kucubungulisisa kuzoqinisekisa ukuthi uphenyo loMvikeli woMphakathi luyabukisiswa futhi izinyathelo ezinqala ziyathathwa ngaphandle kokuchitha isikhathi,” kusho uXaba.
IMenenja yeTheku, uMnuz Musa Mbhele, uthe konke okuphakanyiswe uMvikeli woMphakathi angeke kubukelwe phansi.
“Sizama izindlela zokulungisa lezi zinkinga. Uhlelo olusha lukamasipala olusanda kusungulwa luzoqinisekisa ukuthi liyabhekana nazo zonke izikhalazo eziphakanyiswe izikhungo zika-Chapter-9 okufaka kuzo neKhomishana yezamaLungelo Abantu neSpecial Investigation Unit,” kusho uMbhele.
Uthe konke lokhu kuzobuyisa ithemba kuphinde kwenze kube lula ukubhekana nezikhalazo. Uthe umasipala uyazi ukuthi kumele ubuyisele isithunzi nokuzethemba kwawo emphakathi, yingakho beqinisekisa ukuthi lomhlangano wanamhlanje uyisiqalo sezindlela zokuba uhulumeni othembakele kubantu.
