
Uyahamba kwiGagasi FM uThandi “Zisto” Mhlongo ngoba ekhethe ukungayivuseleli inkontileka yakhe ephela ngoMsombuluko.
UZisto ujoyine iGagasi ngo-2017 wakhula wanikezwa izihlelo ezihlukene njengoba egcine esenza i drive ngo 3 kuya ku-6 ntambama phakathi neviki.
Manje usakaza iFast Lane noDJ Sphectacula noNaves ngo-3 ntambama ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Esitatimendeni iGagasi FM lithi kube nezingxoxo ngokuthi uZisto abuyele ohlelweni kodwa wakhetha ukubheka amanye amathuba ngaphandle.
UZisto uthe uyabonga ngesikhathi esimnandi abe naso eGagasini iminyaka engu-8.
“Yize kungabanga isinqumo esilula kodwa ngikholwa ukuthi ngifake isandla kule brand emangalisayo futhi ngikhulile njengomuntu,” usho kanje.
Uthe esigabeni akuso sempilo ebheka asafuna ukukuzuza ubone kufanele ahambe.
Isiteshi sizomemezela izinguquko ezinhlelweni ngoLwesihlanu.
