
Nhlakanipho Mnqayi
Sekuqubuke izinsolo zokuthi othisa basesikoleni samabanga aphansi iShakaskraal Primary bayasatshiswa ngomunye wabasebenzi khona esikoleni.
Kuthiwa lomsebenzi usebenzisa ingqalasizinda yesikole ukufezekisa izinhloso zakhe zepolitiki. Kubikwa nokuthi useyalele othisha nabafundi ukuthi bagqoke imifaniswano yezepolitiki, uma behluleka ukwenza lokho bazoxoshwa futhi konke lokhu kwenzeka ngesikhathi abafundi nothisha kumele engabe basekilasini.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka useveze ukuthi useqale uphenyo oluphuthumayo mayelana nalolu daba.
“Uma lezi zinsolo ziyiqiniso, lokhu kuzoveza ukungaziphathi kahle okungenza lo otholwe enecala ukuthi axoshwe. Ngisitholile isikhalazo mayelana nalolu daba ngicela umnyango unikezwe isikhathi sokuphenya ngalezi zinsolo,” kusho uHlomuka.
Uthe uzobhekisa amabombo khona eShakaskraal ngoLwesihlanu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa kuyaqhubeka ngokukhululeka ngaphandle ngokungenelela kwezepolitiki.
