
Nhlakanipho Mnqayi
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta) KwaZulu-Natal, izolo ngoLwesibili ebusuku uklomelise omasipala abenze kahle emiklomelweni yeMunicipal Excellence Awards ebibanjelwe eGreyville Convention Centre, eThekwini.
Lo mnyango oholwa uMfundisi Thulasizwe Buthelezi uklomelise labo masipala esifundazweni abatshengise ukuzimisela kanye nokuzinikela ekusizeni umphakathi.
Le miklomelo ibineminxa eminingi obekukhoshwa kuyo abenze kahle okubalwa abathole imibiko emihle yokuphathwa kwezimali, uhlelo lwentuthuko edidiyelwe, idolobha elihlanzekile kunamanye.
UMasipala waseMhlathuze ubaqwaqwade emakhanda ngokuthola izindondo eziningi wakhala wemuka besheke lika-R1 000 000.
UMasipala waseMlalazi wona uklonyeliswe ngo-R500 000 ngokuba yidolobha elihlanzekile kunawo wonke KwaZulu-Natal, litshengisa ukuzinikela kwalo kwezemvelo nokuphatheka kahle komphakathi.
UMfundisi Buthelezi enkulumweni yakhe ubalule ukubaluleka komasipala ekwenzeni imisebenzi yabo.
“Sibungaza imizamo yalabo abasebenza mihla namalanga ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi iyahlinzekwa ngengqalasizinda eyidingayo okungaba amanzi, ugesi nokulungiswa kwemigwaqo. Lokho kuyisisekelo sobuntu nenqubekela phambili,” kusho uMfu Buthelezi.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe omasipala kumele baqinisekise ukuthi bayazimisela bangakhethi iphela emasini.
“Lemiklomelo ibeka phambili omasipala abenza ngakho konke okusemandleni ukunakekela imiphakathi yawo. Ukusebenzisana, ukuzinikela nokuzibophezela yikho okwenza impumelelo. Omasipala kumele baqhubeke basebenze ukuletha ingqalasizinda eyikhwalithi nokuthuthukisa izimpilo zabo bonke aabahlalo baKwaZulu-Natal,” kusho uNtuli.
Uyalele abanye omasipala ukuthi basike iphethini beqinisekise ukuthi bayayiletha intuthuko emiphakathini. Uncome omasipala ngokumelana nezimo okufakwa kuzo ukuguquguquka kwesimo sezulu nezikhukhula wase eabayala ngokuthi baqhubeke nokusebenzisana nohulumeni, abaholi bendabuko, osomabhizinisi nemiphakathi.
