
Nhlakanipho Mnqayi
Kusolwa ukuthi uzilengisole owesilisa okutholwe isidumbu sakhe silenga esihlahleni kubo eWaterloo.
Ngokwesitatimende esikhishwe ngabakwa Reaction Unit South Africa (RUSA) lo wesilisia uzilengise ngoMsombuluko ntambama.
“Utholwe unkosikazi wakhe elenga esihlahleni. Ube esebikela onogada bakwa-RUSA ukuthi umkhwenyana wakhe unesifo se-bipolar okuyilapho amtshele khona ukuthi ucela umentshisi ukuze ayolayitha ugwayi ngaphambi kokuthi aphume aye emnyango,” kusho isitatimende.
Sithe unkosikazi ube esezithela kuso isidumbu ngesikhathi eyothula izingubo kulayini.
Imbangela yokuzibulala kwale ndoda ayikakaziwa.
