
Uwinwe uSweet Guluva uR2 million kwiBig Brother Mzansi ephele manje ebusuku kuMzansi Magic.
Abasendlini bangena bewu-24 ngesikhathi iBig Brother iqala ngoJaunary. Bese bechithe izinsuku ezingu-71.
USweet Guluva ubekhankaselwa ngendlela yokuthi abebengamazi ngoba bengalubuki uhlelo bagcine sebemazi.
Abalandeli bakhe bebencenga nosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bavote abanye abafana njengoSomizi Mhlongo, Jacinta Ngobese bazwakalisa ukucasuka
Ohlelweni lwanamhlanje bese kusele abawu-5 okuwoJojo, Nate, Nsuku, Uyanda noSweet Guluva. Namhlanje kuqale ngokukhishwa uJojo kwase kulandela uNate kwagcina ngoNsuku.
Lokhu kwenze kwasala abesilisa ababili uSweet Guluva no-Uyanda abakhombise ukuthuka ukuthi basele bobabili.
Akakholwanga uSweet Guluva wakhala kumenyezelwa igama lakhe njengomnqobi.
