
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma usedlulise amazwi enduduzo kwabalimale engozini yebhasi eyenzeke emgwaqeni uR34 eVryheid namuhla ekuseni.
Ngokusho kukamphathiswa leli bhasi belithwele abalandeli e-Inkatha Freedom Party (IFP) futhi kusolakala ukuthi umshayeli ubegijima.
“Sifuna ukumfundisa isifundo ukuze nabanye babone ukuthi alifakwa KwaZulu-Natal,” kusho uDuma.
“Bathathu abasesimeni esibucayi abangafa nokufa ngenxa yendlela abalimele ngayo. Abangu-8 balimele kanzima, kithi abangu-11 balimele kodwa bayalwazi ukuhamba,” usho kanje.
UMphathiswa uveze nokuthi umbiko abawutholile uveze ukuthi imoto ye-VW neToyota Tazz beziqhudelana, okwenze ukuthi zishayisane neToyota Yaris.
