
Kushone abantu abawu-4 abathelwe othulini ngenhlamvu qede bashiswa kancane kwalimala abanye abawu-8 kunengxabano emijondolo iMarry Me Ext 3 eSoshanguve ekuseni namhlanje.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng uBrigadier Brenda Muridili uthe amaphoyisa aye endaweni yesigameko ngabo 6 ekuseni.
“Amaphoyisa athole izidumbu ezine ezinamanxeba okudutshulwa futhi zishiswe kancane. Ababonile bathe ezinye izisilu okuqinisekiswe ukuthi ziwu 8, ziyiswe esibhedlela ngezimoto nama ambulance,” kusho uMuridili.
Uthe uphenyo luthi ngabo 3 ekuseni iqoqo labaqapha umphakathi belihlangana liqhubeka nokuzulazula emphakathini ngesikhathi libona abantu abawu-5 emgwaqeni.
Ngesikhathi liya kubona kusuke ingxabano kwafa abawu-4 kwalimala 8.
Amaphoyisa asaphenya.
