
Nhlakanipho Mnqayi
NJENGOBA kubungazwa usuku lwamalungelo abantu namhlanje ngoLwesihlanu, uMasipala weTheku izolo ngoLwesine, wethule izimoto ezizosetshenziswa abasebenzi babo abaphila nokukhubazeka.
Lezi zimoto ezibuza uR1.3 million, umasipala uthe kungezinye zezindlela zabo zokususa izingqinamba zezindlela zokuhamba, ngokubandakanya abasebenzi abaphila nokukhubazeka ukuthi bazizwe bamukelekile.
Okunye okuhlalukile ngesikhathi kwethulwa lezi zimoto, ukuthi abasebenzi abaphila nokukhubazeka sebezokwazi ukwenza imisebenzi yabo ngaphandle kokuvimbeka. Okunye ukuqinisekisa ukuthi wonke amalungelo abantu ayagcinwa futhi ayavikelwa okubalwa nelabantu abaphila nokukhubazeka.
USihlalo wekomiti leGovernance and Human Capital, uMnuz Nkosenhle Madlala, uthe lomcimbi utshengisa ukuzibophezela kukamasipala ekuthuthukiseni indawo yokusebenza kanye nokulingana.
“Lona umshikashisa wokuqala ngqa emlandweni wezwe lapho ingxenye yokusebenzisana ikhonjiswa kubasebenzi abanezidingo ezikhethekile. Kuwubufakazi ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka badlala indima ebalulekile okumele bayenze hhayi kuphela emsebenzini, kodwa nasekuqinisekiseni ukuthi izidingongqangi bayazihlinzeka emphakathini,” kusho uMadlala.
Uthe nakuba bejabule ngale ngqophamlando, kusakuningi okumele kwenziwe.
“Njengamanje, isibalo sabasebenzi abaphila nokukhubazeka kumasipala sibalelwa kwabangu-276. Lona umsebenzi esiwenzayi njengoba umasipala ufuna ukuhlangabezana nenani lokuqasha u-3% wabantu abaphila nokukhubazeka okuwumgomo obekwe uMnyango wezaBasebenzi,” usho kanje.
UMnuz Simon Zwane ongumsebenzi ophila nokukhubazeka, uthe lokhu kuwukuthuthuka, ikakhulukazi kubasebenzi abanezidingo ezikhethekile.
“Leli igxathu lokuqala elitshengisa inqubekela phambili kumasipala. Litshengisa ukubuyisana, ukwehluka nokulingana. Njengomsebenzi onezidingo ezikhethekile, lokhu kuzokwenza umehluko omkhulu ekugqugquzeleni ukulingana endaweni yokusebenza ngaphandle kokunqandeka,” usho kanje.
Uthe lokhu kuyajabulisa kakhulu njengoba abasebenzi abaphila nokukhubazeka sebezokwazi ukungena ezindaweni ezahlukene futhi bakwazi nokwengeza emkhiqizweni owenziwa umasipala.
