
Nhlakanipho Mnqayi
Akusilona ihlazo ukuthi abafana bazigcine beyizinsizwa-nsi namantombazane azigcine eyizi ntombi-nto baze baqede isikole.
Lamazwi ashiwo uMEC wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wokuqandwa kwesifo sofuba ezinganeni, iStop TB in Children, esikoleni samabanga aphezulu, iSigqamile High eTshelejuba oPhongolo ngoLwesine.
UMEC uphinde wagcizelela ukuthi lena ngenye yezinhlelo ezenziwa wumnyango njengoba ngoMsombuluko kuzobungazwa usuku lwesifo sofuba emhlabeni, iWorld TB Day emcimbini ozobe useZululand.
Ekhuluma nabafundi, uthe akusilona ichilo ukuthi abafana bazigcine.
“Abafana kumele bafundiswe ukuthi akusilona ihlazo ukuzigcina beyizinsizwa-nsi baze baqede isikole nokuthi abantu abasha kumele beqwashiswe ngemiphumela yokuzibandakanya ebudlelwaneni besabancane,” kusho uNksz Simelane.
Uthe nakuba isifo sofuba (TB) sinqandeka futhi silapheka, kodwa sisengezinye zezifo ezibulalayo KwaZulu-Natal nakwamanye amazwe nasemazweni asathuthuka.
“Ngo-2023, babalelwa ku-56 000 abantu ababulawe isifo se-TB eNingizimu Afrika. Abangaphezu kuka-31 000 kulabo abashonile, abanye babo bangabantu abaphila negciwane lesandulela ngculaza i-HIV.
“KwaZulu-Natal, izibalo zango-2023 ziveza ukuthi ezinganeni ezineminyaka engu-0 kuya ku-4, zingu-1 988 ezisuleleke nge-TB okungu-3.8% wesibalo sezingu-52 651 ze-TB. Abaneminyaka engu-5 kuya ku-14, zingu-1 599 izingane ezisuleleke nge-TB okungu-3.0% wesibalo sabangu-52 651 zabane sifo se-TB, kanti kwabaneminyaka engu-15 kuya ku-24, zingu-5 663 izibalo zabasuleleke ngegciwane le-TB okungu-10.0% wesibalo sabangu-52 561,” usho kanje.
