
Nhlakanipho Mnqayi
Amadoda amane abesolwa ngokweba, ukubulala nokuqola abantu adutshulwe afa ngesikhathi etholana phezulu nabakwasidlodlo emgwaqeni uDuffs Road bude buduze nomgwaqo uDumisani Makhaye Drive namhlanje.
Laba basolwa kuthiwa bebehamba ngemoto kuLark Road beyongena kuDumisani Makhaye Drive ngesikhathi amaphoyisa ezama ukubamisa.
Lezi zinswela boya zithe zibona abakadalawayo, zavele zavulela ngezulu lezandla amaphoyisa ase ephendula.
Ngokwesitatimende esikhishwe amaphoyisa sithe ngesikhathi besadubulana abathathu balimale bafa.
“Ngesikhathi sibheka endaweni yesigameko sibe sesithola isidumbu somsolwa wesine obezama ukubaleka kanti usedubulekile,” kusho isitatimende.
Sithe abasolwa betholwe nezibhamu ezintathu kanti awekho amaphoyisa alimalile.
“Laba basolwa sizobabheka ukubona ukuthi awekho yini amanye amacala abayamaniswa nawo. Laba basolwa bebefunelwa amacala amaningi okubulala kanye nokuqola esiFundeni saseThekwini,” sisho kanje.
