
Nhlakanipho Mnqayi
UMasipala weTheku usuveze ukuthi kugqekezwe ehhovisi lawo lezobuqotho kanye nokuphenya, i-Integrity and Investigations Unit (CIIU).
Esitatimendeni esikhishwe umasipala kuvela ukuthi ayikaziwa imbangela yokugqekeza.
“Lesi sehlakalo sisibikiwe emaphoyiseni ukuze kuqalwe uphenyo. Ihhovisi le-CIIU libhekelele ukuphenya inkohlakalo namacala athinta okukhwabanisa kumasipala,” kusho isitatimende.
Sithe uMasipala weTheku angeke uphawule kakhulu ngalolu daba ngoba seluphenywa ngamaphoyisa.
Imenenja yoMasipala, uMnuz Musa Mbhele usigxekile lesi senzo, wayalela amaphoyisa ukuba avundulule kwasani ukuze kutholakale abasolwa.
“Okusikhathaza kakhulu ukuthi ihhovisi le-CIIU elijutshwe ukuba libhekane ngqo nokukhwabanisa, inkohlakalo nokuphathwa budedengu bukamasipala libe yisizinda sezigebengu. Kodwa, angeke siphele amandla ekulweni nokukhwabanisa kanye nenkohlakalo ngaphandle kokusatshiswa nokwenzelela,” kusho uMbhele.
Uthe abantu ababike kumasipala uma bebona inkohlakalo nokukhwabanisa ngokushayela inombolo ethi: 0800 20 20 20 noma ethi: 031 311 4002, okanye babhale i-email ku- ombuds@durban.gov.za
