
Nhlakanipho Mnqayi
UBIKA usizi umphakathi waseNdwedwe kuwadi-13 no-18 njengoba ukhala ngebhuloho osekuphele iminyaka lakhiwa, kodwa namanje alikakaqedwa.
Leli bhuloho elibizwa ngoMdloti elisemgwaqeni uP713, kubikwa ukuthi bekuyibhuloho lesikhashana elenziwe ngamatshe namapayipi njengoba ligcine seliguguleka kade kunezimvula ezinamandla esifundazweni saKwaZulu-Natal muva-nje.
UMnuz Zibonele Ngcobo onguSihlalo weKomiti lezokuThuthuka eNdwedwe, ekhuluma neziko lezindaba Ezangempela For Real, uthe akuhambeki izingane azikwazi ukuya eskoleni nezimoto nazo azikwazi ukuhamba.
“Sekungusonkontileka wesibili lo owakha leli bhuloho njengoba kowokuqala kwathiwa imali yaphela. Isabelomali salo leli bhuloho sasithi R87 million, kodwa akusebenzeki. Njengoba babethi ibhuloho lesikhashana, kwakumele bakhe into yangempela. Manje kume yonke into njengoba kungaweleki,” kusho uNgcobo.
Uthe ukubhodloka kwaleli bhuloho kuvimbele abantu abaningi ukuye bafinyelele lapho abaya khona.
“Abantu abasuka endaweni yaseNtaphuka beya esibhedlela oSindisweni abasakwazi ukuhamba. Izimoto seziyathathela, nezisebenza emphakathini nazo azisakwazi ukuthi zihambe futhi nezingane zesikole ziphazamisekile azisakwazi ukuwela. Ezisuka esikoleni samabanga aphansi Ogunjini nezisuka ngaphesheya Ogunjini ziya esikoleni samabanga aphezulu iNqakathela azikwazi ukuhamba.
“Kunelinye ilunga lomphakathi ebelihweba ngenhlabathi liphinde lililungise ibhuloho, kodwa ligcine seliyeka nalo ngoba belenzela amaloli alo ukuthi ekwazi ukuhamba njengoba edayisa isihlabathi. Ubuholi bendawo, ikakhulukazi amakhansela awenzi lutho njengoba elokhu ethi ibhuloho liyaqhubeka ekubeni limile,” usho kanje.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, KwaZulu-Natal, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe njengoba kuhlezi kunezimvula ezinamandla nezikhukhula, ziningi izindawo ezinemigwaqo namabhuloho agugulekayo.
“Senza ngakho konke okusemandleni ukulungisa isimo yize isimo sezimali singavumi. Siyalwazi udaba lwaleli bhuloho namanye amaningi. Yingakho sizama ngayo yonke indlela ukufinyelela emiphakathini eyahlukahlukene,” kusho uSibiya.
