
Nhlakanipho Mnqayi
Inkantolo yesiFunda eNtuzuma igwebe abathathu emva kokuthi betholwe benecala lokuthumba nokubulala uMnuz Minenhle Khumalo.
OSipho Zwide Nxumalo (49), Bonginkosi Mfanafuthi Qwabe (34) noBhekinkosi Simphiwe Manyanga bagwetshwe iminyaka engu-26 bebhadla ejele.
Bagwetshwe iminyaka engu-18 ngecala lokubulala kwengezwa eminye iminyaka eyisishiyagalombili ngecala lokuthumba. Izigwebo zabo bazozidonsa kanye kanye.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe amaphoyisa, laba bavele phambi kwenkantolo izikhathi eziningi ngaphambi kokuthi bagwetshwe.
“NgoNovemba-2022 ngezithuba zabo 18:15, uMinenhle Khumalo owayeneminyaka engu-23 ngaleso sikhathi, wagcina ukubonakala bude buduze nalapho ahlala khona ejahwa abasolwa bemsola ngokuthi ubambe oyedwa wabo inkunzi.
“Ntambama, watholwa elele phansi enezingozi zokulimala eziningi emzimbeni enkundleni yezemidlalo ehostela. Wabe eseyiswa esibhedlela, nalapho afike ashonela khona ngenxa yokulimala kakhulu,” kusho isitatimende.
Sithe kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa KwaMashu ukuze kuqaliswe uphenyo.
“Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo, abaseshi bakwazi ukuyamanisa abasolwa nokwaholela ekutheni baboshwe.”
