
Nhlakanipho Mnqayi
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli neMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba ngeSonto bavakashele imindeni ekhahlanyezwe yizikhukhula zakamuva ezidlule nemiphefumulo yabantu.
Kulezi zindawo abazihambele kubalwa iNhlungwane eNanda neLamontville.
Kusukela ngo-19 February ku-15 March, izikhukhula zilimaze ingqalasizinda eningi zaphinde zadlula nemiphefumulo yabantu, imizi yasala dengwane eThekwini.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe uMasipala weTheku, babalelwa ku-6 000 abantu abakhahlamezekile ngalezi zikhukhula kwalimala imizi engu-1 452.
Imeya yeTheku ibe isidlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe.
“Emindenini yabashonelwe ngidlulisa amazwi enduduzo futhi ngiyazibophezela ukusebenzisana nazo zonke izinhlaka ukuqinisekisa ukuthi izisulu zezikhukhula zithola ukwakhelwa imizi,” kusho uXaba.
Uthe abantu abaqikelele ukuthi bachitha imfucuza endaweni efanelekile ukugwema ukuvaleka kwezitamkoko.
“Izikhukhula isikhathi esiningi zidalwa indlela imvula enkulu ngayo, ukuthi izitamkoko zinkulu kangakanani nemfucuza esuke ikhukhulwa yiyo imvula njengoba eminyakeni engu-10 edlule, iTheku selibhekane nokwanda kwezikhukhula,” usho kanje.
Uqhube wathi ukunciphisa izingozi nokuphephisa izimpilo zabantu, uMasipala usuqale izindlela zokubhekana nalezi zinkinga okubalwa kuyo iForecast Early Warning System (FEWS).
“Idolobha lihlezi lizibophezele ekuqiniseni ingqalasizinda yezitamkoko nokuhlelela izinhlekelele ukuze sivikele abahlali namabhizinisi esimweni sezulu esisuke sisibi. Ngibonga nabezimo eziphuthumayo abasebenza ngokuzimisela ezigamekweni ezisuke zibikwe ngabahlali,” ubeke kanje.
Uthe ngokuzimisela kwabezimo eziphuthumayo bakwazile ukuhlenga abantu abangu-10 emgwaqweni uM19. Uthe ugesi namanzi nakho kuyalungiswa kuzona zonke izindawo ezikhahlamezekile.
Uveze nokuthi imigwaqo okungu M4, M19 noN2 iyakhucululwa kanti umgwaqo uStapleton Road no Heaton Nicholson Dive isavaliwe okwamanje. UNdunankulu uthe babambisene nomasipala ukuze babheke ukuthi bangabatholela kuphi indawo abakhahlamezekile. Uthe ubekhuluma nomengameli uCyril Ramaphosa nangodaba lokuzibekela izikhathi okumele kulungiswe ngaso umonakalo.
