
Nhlakanipho Mnqayi
UMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, KwaZulu-Natal, usuveze ukuthi namuhla uzovala ngokusemthethweni ibhuloho laseMzimkhulu ngenhloso yokulilungisa kanye nokulivuselela.
Lo mnyango oholwa nguMphathiswa uMnuz Sboniso Duma, uthe uzolivala leli bhuloho eselineminyaka engu-67 lakhiwa kusetshenziswa indlela yokwakha yakudala.
UDuma uthe ukulungiswa kuzodla imali engango-R7.6 million njengoba bezovulivuselela kabusha, likwazi ukuhlala iminyaka eyevile kwengu-25.
Ekhuluma nabezindaba uthe izimvula zakamuva kanye nezikhukhula kulilimazile.
“Ukuhamba kwamanzi kwenze izinsika zaleli bhuloho ukuthi ziphenduke okwenza libe ntekenteke futhi libe yingozi kubashayeli bezimoto,” kusho uDuma.
Uthe lokhu kuba ntekenteke yikho okubaholele ekutheni balivale.
“Silivale ngoba besifuna ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu. Muva nje sikuhlehlisile ukulivala ngoba besisafuna ukubonisana nezinhlaka ezithintekayo. Sonke sibe sesivumelana sabeka abantu bomasipala uGu kanye nesifunda sonkana phambili.”
“Siphinde savumelana ukuthi ukuvalwa kwaleli bhuloho kuzophazamisa abahlali, abacebile nabadla imbuya ngothi. Kungalesi sizathu ukuthi sivumelane ngokubambana ngezandla siye nganxanye senzela ikusasa elinenqubekela phambili,” usho kanje.
Uthe kuzoqalwa ukusetshenzwa ngo-11 Meyi nonyaka uma sekutholakale imvume yokusebenza. Uthe abantu abazoqashwa basemphakathini babalelwa ku-121 njengoba bezosebena izinsuku ezingu-528, umholo wabo bonke usuhlanganisiwe uzocela ku-R11.7 million.
Uphinde waveza ukuthi njengoba leli bhuloho lizovalwa, kuzosetshenziswa umgwaqo uP64 besalinde uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uNkk Babra Creecy ukuthi aqinisekise izimali zama-toll fees e-Oribi Toll Gates eNyakatho naseNtshonalanga.
Kuphinde kwahlaluka nokuthi uma izimali zokukhushulwa kwama toll fees emgwaqeni omkhulu uN2 ziqinisekiswa, umgwaqo uP464 kanye nebhuloho kuzolungiswa kanye kanye ukuqinisekisa ukuthi abasebenzisi bomgwaqo nokuhamba kwezimoto kuphephile.
