
Nhlakanipho Mnqayi
Umshayeli wetekisi nomgibeli badutshulwe bafa emgwaqweni uMasingana, ePhase 6, eWaterloo izolo ngoLwesihlanu ebusuku.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe onogada bakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA), iphoyisa ebelingekho emsebenzini lithinte abakwa-RUSA licela ukusizwa ngezithuba zango-19:36 ebusuku.
“Onogada bakwa-RUSA baphuthume endaweni yesigameko, ngesikhathi befika bathola iToyota Quantum emhlophe ilele ngohlangothi, isidumbu somshayeli singaphakathi. Umlisa wesibili utholakale ebangeni elingamamitha angu-150 enamanxeba okudutshulwa wahlonzwa njengoshonele endaweni yesigameko,” kusho isitatimende.
Sithe kutholakale ukuthi umsolwa ubengumgibeli kuyo itekisi.
“Ubehleli ngaphambili eceleni komshayeli wamdubula kungazelele. Umgibeli obengemumva uvule isicabha wazama ukubaleka kodwa naye wadutshulwa kwathi umsolwa wabaleka ngezinyawo. Itekisi ibe isigingqika amamitha ambalwa, abesifazane ababili abebengabagibeli abalimalanga,” kusho isitatimende.
Inhloso yalokhu kuhlasela ayikakaziwa.
