
Ugixabezwe ngeminyaka engu-15 ebhadla ejele owadlwengula owesifazane Eziqhazeni eNquthu.
Inkantolo yesiFunda yaseNewcastle igwebe uLucky Zwane (46) ngokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-27 ngo-Agasti wango-2011.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, ngo-Julayi 2012, inkantolo yeMantshi yaseDundee yathola uZwane enecala.
“Ngosuku lokugwetshwa kwakhe, uZwane akazange alubhade enkantolo nokuyilapho okwakhishwa incwadi eyayigunyaza ukuthi aboshwe,” kusho isitatimende.
Sithe ngoSepthemba nyakenye, amaphoyisa athola umkhondo owawuthi uZwane ubonakale eNewcastle.
“Ithimba lamaphoyisa laseDundee ophikweni olubhekene nodlame emindenini, uphiko oluvikela izingane nolubhekelele amacala okunukubezwa ngokocansi olwaluholwa ngu-Sergeant Nolwandle Buthelezi, lwabe selilandela umkhondo zamkhalela uZwane.
“Ngo-Mashi 6 kwephezulu, uZwane ube esevela enkantolo yesifunda eNewcastle lapho egwetshwe iminyaka engu-15 ngecala lokudlwengula.”
Amaphoyisa KwaZulu-Natal, athe azibophezele ngokuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka futhi abenzi bobugebengu obucayi bayajeziswa, noma ngabe sekudlule isikhathi esingakanani.
