
Nhlakanipho Mnqayi
Amaphoyisa KwaZulu-Natal acelwa ukufuniswa abasolwa ngokudubula babulale abantu abayisithupha eMlazi nyakenye.
Kuthiwa laba abayisithupha badutshulwa emgwaqweni uThabo Morena ngo-Agasti 17.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe amaphoyisa abafi o- Innocent Mazeka (25), Khaliphile Ntombela (37), Yamukela Mzekeli (29), Mlungisi Langa (40), Sinqobile Ngcobo (30) noDumisani Mgoza (39) babehleli emva kwehostela iTehuis ngesikhathi abasolwa ababili abangaziwa beza kubo babacela ugwayi. Abasolwa kuthiwa bahamba baphinde babuya emva kwemizuzwana, base beyalela abafi ukuthi balale phansi babadubula bonke ngaphambi kokuba babaleke ngezinyawo,” kusho isitatimende.
Kulesi sigameko kwasinda abesifazane abathathu.
“Abasolwa kulolu daba abaziwa futhi akekho ongabachaza njengoba lesi sigameko senzeka ebusuku. Amaphoyisa ayilandela imikhondo, kodwa angathola lutho. Amaphoyisa asekhiphe umhlomulo ka-R60 000 kunoma ubani ongase abe nolwazi ukuze kuboshwe lezi zigilamkhuba,” kusho isitatimende.
Amaphoyisaanxusa noma ubani onolwazi ngalolu daba ukuba ashayele uSergeant Jila ku-079 696 3685 noma enombolweni yamaphoyisa engu-08600 10111.
