
Nhlakanipho Mnqayi
INKANTOLO yesiFunda yaseScottburgh isigwebe uVivani Vivian Zuma iminyaka eyisithupha ebhadla ejele ngokunukubeza abesifazane ababili ngonyaka ka-2018 no-2019.
Kuthiwa ngesikhathi uZuma enza lesi senzo wayenesikhundla sokuba ngu-Colonel engukhomishana esiteshini samaphoyisa eMzinto.
Okunye okuhlalukile ukuthi ngo-Agasti 2018 noSepthemba 2019, wenza izigameko eziningi zokunukubeza ngokocansi kulaba besifazane njengoba babengaphansi kwakhe ngokwesikhundla esiteshini.
Esitatimendeni esikhishwe i-National Prosecuting Authority (NPA), sithe uZuma wayebayengela ehhovisi lakhe laba besifazane bese eyabanukubeza.
“Isisulu sokuqala sithe uZuma ubesibiza ehhovisini lakhe athi ufuna ukusicabuza aphinde asihage. Ubethinta lo wesifazane ngendlela engagculisi. Kwisisulu sesibili, uZuma usinukubeze ngo-Agasti 2018 nango-Septhemba 2019, okuyilapho aqhubeka khona nokuziphatha ngendlela engagculisi,” kusho isitatimende.
Sithe uZuma ube esevela enkantolo, wawaphika amacala ayethweswe wona.
“Wathi wayenobudlelwano nalaba besifazane futhi lokhu owayekwenza kubo babevumelene. Kodwa, inkantolo yaluchitha uhlangothi lwakhe yathi usenga ezimithiyo futhi lokhu akushoyo akusilona iqiniso,” sisho kanje.
Siqhube sathi ecaleni loMbuso, uMshushisi iThiloshnee Naidoo uhole ubufakazi bezisulu ezikuchithile ukuthi zazinobudlelwano noZuma futhi embikweni wokuqala, abalingani izisulu ezabika kubo lezi zigameko nabo bafakazile.
“Ekukhishweni kwesigwebo, uMbuso ulethe izitatimende ezazibhalwe yizisulu owawuholwa isikhulu sasenkantolo, uNksz Nokukhanya Mkhize. Esinye sezisulu sathi ngesikhathi kwenzeka lokhu kuso saba nokucindezeleka, ukhwantalala nokukhathazeka. Esinye sithe silahlekelwe imali eningi ngenxa yokuhamba odokotela abalapha ngokwengqondo. Siphinde saveza ukuthi kuyimanje sibhekene nokucindezeleka futhi sesiyasaba ukuhlala nabantu emphakathini,” kuqhuba isitatimende.
Inkantolo iveze nokuthi uZuma akakulungele ukuphatha isibhamu.
Okhulumela, iNPA, esifundeni saKwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe njenge-NPA bayalwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
“Siyaqinisekisa ukuthi labo abenza lezi zenzo bayajeziswa, ukutshengisa ukuthi ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane angeke kubekezelelwe futhi sizoqhubeka nokufuna ubulungiswa kwabahlukumezekile nabasindile,” usho kanje.
