
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka ukhathazekile njengoba izigameko eziphazamisa ukufunda nokufundisa ziya ngokwanda esifundazweni.
UMphathiswa usho kanje njengoba izifunda okubalwa kuzo UMgungundlovu, uThukela, iKing Cetshwayo kanye nePinetown zithintekile ezigamekweni zakamuva.
“Lezi zifunda zithintekile njengoba imigwaqo eya kulezi zikole ivimbekile. Lezi zikole kubalwa iCebolezwe, Abenguni ne-Eyethu,” kusho uHlomuka.
Uthe uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uyakugxeka ukuvjnjelwa kwelungelo lezingane lokufunda.
“Njengoba umnyango ulazisa ilungelo lomphakathi lokuthi bazwakalise izikhalazo zabo, sinxenxa zonke izinhlaka ukuthi zenze lokho ngokuthula futhi balandele imigudu efanele ngaphandle kokuphazamisa ukufunda kwabafundi.
“Yingakho ngigcizelela ukuthi ukuqhubeka kokuphazanyiswa kwemfundo ngenxa yemibhikisho, kuletha izingqinamba ezinkulu ekusaseni labafundi bethu. Sicela amalungu omphakathi ukuthi athole izixazululo ezinokuthula ezingaphazamisi ukufunda nokufundisa kwezingane zethu. Imfundo yabantwana bethu kumele ivikelwe ngaso sonke isikhathi,” usho kanje.
Uthe umnyango uyasebenzisana nengalo yomthetho, abaholi bomphakathi nezinye izinhlaka ukuletha uzinzo nokuqinisekisa ukuthi ukufunda kuyaqhubeka.
