
Nhlakanipho Mnqayi
Bathuke nasozwaneni abasebenzi basemtholampilo waKwaNgcolosi emva kokutholakala kwenyoka imamba emnyama ngaphakathi.
Kuthiwa njengoba kusabanjwe eyodwa, kunezinsolo zokuthi kunenhlwathi ehleli ngaphakathi ophahleni lwakhona emtholampilo.
Okunye okuhlalukile ukuthi akusizo kuphela izinyoka eziphazamise ukusebenza kule-clinic njengoba kunenqwaba yezinyosi.
Okhulumela inhlangano yamanesi iDemocratic Nursing Organisation of South Africa (DENOSA) KwaZulu-Natal, uMnuz Andile Mbeje, uthe indawo yokusebenzela ayisaphephile njengoba kutholakale lezi zinyoka.
“Isimo sendawo nokuhlanganisa nesakhiwo somtholampilo asiphephile ngoba izinyoka zicashile. Sinxusa uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukuthi uvuselele ibhilidi kabusha noma ubeke ingqalasizinda ethile yesikhashana ngenkathi ukusebenza kuqhubeka,” kusho uMbeje.
Unxenxe amalunga omphakathi ukuthi azwelane namanesi njengoba ebhekene nalesi simo.
“Le nkinga idalwe umnyango ngokungasilungi isakhiwo,” usho kanje.
Ibamba leNhloko yoMnyango uNkk Penny Msimango, uthe abasebenzi bayithola inyoka ngesikhathi besebenza.
“Asikho isisebenzi okuke kwabikwa ukuthi sishaywe yinyoka ngesikhathi sisebenza. Sizolungisa uphahla lwakhona e-clinic ngoba kunesikhala phakathi nophahla okungaholela ukuthi izinyoka zikwazi ukungena. Sizolungisa nezinye izindawo eziningi siphinde siqinisekise ukuthi asikho isikhala phakathi kodonga nophahla ukuze izinyoka zingabi naso kwasona isikhala,” kusho uNkk Msimango.
Uthe njengomnyango bayivalile ingxenye lapho izinyoka zibonakale khona base baletha ama-mobile clinic. Uthe bazozilalela izikhalazo ezilethwa amalunga omphakathi futhi baqinisekise ukuthi bayabheka ukuthi yiziphi izinsiza abanazo abangalekelela ngazo.
