
Iqembu lomculo iMurumba Pitch limemezele ukuhlukana kwalo namuhla ntambama.
Amalungu alo uThabang Innocent Mangolo no-Emmanuel Nanga Mathye akhiphe isitatimende ememezela lezi zindaba eziphathe kabi abalandeli.
“Kusiphatha kabi ukumemezela ukuthi emuva komhlangano obungo 6 March 2025, ababhalwe ngenhla bavumelane ngokunqamula ukubambisana nobudlelwano benkontileka khona manje,” kusho isitatimende.
Isinqumo bathe sisho isiqalo esisha futhi bazibophezele ngokusebenza ngokuzimela ukuya phambili.
Bathe bazosebenzisana ukwenza isiqiniseko sokuthi kuhlukaniselwana kahle izinto zebhizinisi.
Abaningi babezitshela ukuthi iMurumba Pitch wumuntu oyedwa okuyilowo ocula phambili. Izwakala ezingomeni eziningi ezidumile okungabalwa kuzo iHamba Juba, Amaphutha, Kabza Chant nezinye.
