
Usesimeni esibucayi umlisa ona-35 okubikwa ukuthi udutshulwe phambi kwentombi yakhe eMawoti eNanda ngoLwesibili ebusuku
Ngokusho ngabakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA) babibizelwe emgwaqweni obude buduze nesiteshi samaphoyisa saseMawoti ngezithuba zango-20:26, bathola owesilisa emgwaqweni enamanxeba okudutshulwa ekhanda nasebusweni.
Kubikwa ukuthi ubevakashele yona intombi yakhe behamba emgwaqweni ngesikhathi behlaselwa amadoda amathathu avele avulela ngezulu lezandla. Abasolwa babaleke ngezinyawo kanti owesifazane akalimalanga.
Lo wesilisa ube esephuthunyiswa esibhedlela esesimweni esibucayi.
