
Ayipheli eyomdlali we-Orlando Pirates uMonnapule Saleng owagcina ukubonakala enkundleni ngoDisemba nyakenye.
USaleng kulindeleke ukuthi abonakale enkundleni numahla ntambama uma iBafana Bafana isidlala owokuhlungela i-African Nations Championship ne-Egypt eFree State Stadium.
ISunday World namuhla ikhullume nokuthiwa ngabazali bakhe uThabo noMakie Tsoeu abathe lo mdlali uphethwe ukhwantalala ngoba ekholwa ukuthi uhola amakitani.
Bathe wabatshela ukuthi akaholi njengokwesivumelwano neqembu.
Uyise uthe ucabanga ukulishiya iqembu.
“Inkinga ukuthi unenkontileka. Singathanda ukuthi ahlale kwiPirates ngoba ingelinye lamaqembu amakhulu ezweni.”
Kucashunwe noBoikanyo Maine okuthiwa ungumngani wakhe othe kumele iPirates imhlangabeze.
“Ukuba kuthiwa akabalulekile ubengeke abizwe kwiBafana. Sicela ukuthi iPirates ikubheke akufunayo. Akukuhle, cabanga uthola uR70 000 kodwa okwenzayo emidlalweni eminingi kukhulu kube kukhona abathola uR500 000.”
Obebambe njengomqeqeshi we-Orlando Pirates ngempelasonto uMandla Ncikazi uvele wawuziba ‘IsiZulu’ umbuzo mayelana nalo mdlali.
IPirates ishawe yiMarumo Gallants ngo 2-0 kweligi eFree State ngoMgqibelo ebusuku. Ngemuva komdlalo uMpho Maboi uthe ebuza uNcikazi ngoSaleng wavele waphendula okungabuzwanga. UNcikazi ubebambele uJose Riveiro obewubuka nezihlwele ngenxa yesijeziso samakhadi.
