
Inkulu imvunge kubagijimi ngesinqumo sabahleli beSanlam Cape Town Marathon sokuthutha lo mjaho ngo-October ube ngoMay kusuka ngo-2026.
Abahleli bamemezele ukuthi iCape Town Marathon izoba ngo-26 May 2026. Kusho ukuthi eyalo nyaka ngo-19 October kuzoba kungeyokugcina ngalesi sikhathi.
Okukhalisa abagijimi ukuthi bebeyisebenzisa njengomjaho wokusheshe bazibekisele indawo kwiComrades Marathon nakwiTwo Oceans Marathon ngonyaka osuke uzolandela.
Ukuthutha kwayo iye kuMay kuyenza iqhelelane ngenyanga neTwo Oceans eba ngo-April. Okunye iseduze neComrades ngoJune futhi ngalesi sikhathi abagijimi basuke sebenciphisa ibanga abaligijimayo ukuze kufike iComrades bengakhathele.
Abanye bakhala ngezindleko zokuya eCape Town ngo-April beyogijima iTwo Oceans bephinde bababuyele ngoMay ukuyokwenza iCape Town Marathon.
Abahleli bathi uMay uzokwenza abagijimi bajabulele amazinga okushisa apholile, umoya ungabi mkhulu okuyinto okukhalwa ngayo ngo-October nokuthi umjaho ungasheshe uqale.
Bafuna ukuthi ube yiMajor yokuqala yase-Africa ngaphansi kwe-Abbot.
Bephendula izikhalo zabagijimi abathi iseduze neComrades bathe u-40% wabangenela umjaho wabo basuke beqala ukugijima i-marathon.
