
Kuvulelwe icala amaphoyisa amathathu asePhoenix okuthiwa ashaya, athumba ase efuna imali yokugwazelwa kunogada waseBhambayi.
Kuthiwa ngoLwesibili, lawa maphoyisa okungelesifazane namabili esilisa, aya kwenye indawo yebhizinisi eThekwini ehambise iProtection Order komunye wabasebenzi emuva kokuthi kube nengxabano yomndeni.
Kuthiwa afika kule nkampani, unogada wawazisa ukuthi kulandelwa imigomo eqinile uma uzongena kule ndawo ngenxa yokuthi kusetshenzwa ngokudla. Kuthiwa iphoyisa lesifazane alifunanga ukuyizwa leyo kwase kuvunyelwana ngokuthi umsebenzi aphumele ngaphandle ukuze azosayinela iProtection Order.
Kuthiwa unogada wabe eselanda umsebenzi wamyisa lapho kupake khona imoto yamaphoyisa esangweni wabe eseyanikwa yona. Onogada bakwaRUSA bathi batshelwa ukuthi iphoyisa lesifazane labe selibizela eceleni unogada lamchapha ngenhlamba, lithi amaphoyisa akahlangani nemigomo yezenhlanzeko.
Kuthiwa unogada uveze ukuthi leli phoyisa lalingazitsheli ukuthi kunama camera kule ndawo lase liqala limshaya . Kuthiwa kwasondela nalawa amanye amabili ayemi eduze kwemoto nawo asebenzisa amazwi ayiziswana.
Kuthiwa esebona ukuthi kune camera kule ndawo afihla amabheji abhalwe amagama awo. Athatha unogada ahamba naye amfuna uR2000 ukuze amdedele noma amvalele.
Kuthiwa unogada washo ukuthi unoR220 ephaketheni, iphoyisa lesifazane lawuthatha lawufaka ephaketheni lalo. Kuthiwa bebelokhu bewufuna lo R2000, uma lilandula bebethi bazolibeka icala bese belicisha uma kufika owomndeni ozowukhipha.
Kuthiwa unogada wabekwa icala lokunqaba ukuboshwa kanye nelokushaya, wase ededelwa ngebheyili. Unogada wakwazi ukubona isibongo sephoyisa lesifazane kodwa wangawabona amagama amaphoyisa esilisa.
Kuthiwa abaphathi benkampani bebona amacamera nokuthi unogada ushawe engenzanga lutho, unogada welulekwa ukuba avule icala.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Robert Netshinunda uthe kuvulwe icala lokushaya nelokufuna intshontsho emaphoyiseni aseDurban North. Leli cala kuthiwa livulelwe abantu ababezenza amaphoyisa. Uphenyo luyaqhubeka
